
LUSEYINZUKA SIKEYI UDABA LWABOKUFIKA ETHEKWINI

AMABHASI ngesikhathi ethutha abokufika bebheke eLindela eGoli ngoMsombululo.IZITHOMBE: FACEBOOK OWAMI THABETHE
BAGOLOZILE ukuhamba abokufika abakuleli akade beqhinqe kuMoore Road, eThekwini, ngemuva kokuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal ebahlinzeke ngamabhasi, okuthi bafuduke balibhekise koLindela eGoli. Kuhanjiswe abokufika abangama-274 nezingane eyi-146 eLindela eGoli, kusukela ngoMsombululo mhlaka 14 KuMandulo.
Ngaphezu kwemizamo engaka kusakhona iqoqo labantu abasalile, nengxa yokungakaqinisekiswa kwenzincwadi zabo.Kuvele ukuthi cishe abayi-168 abangakaqinisekiswa uMnyango wezaseKhaya abasengondingasithebeni, nabagolozile ukuhamba, bathi baqoma ukuphindela emphakathini abebehlala kuyo, kunokuya kolindela.
UMnyango wezaseKhaya ubambisene noSAPS, abakwa DCSL, uMetro neDisaster Management, babambe umhlangano ophuthumayo ukuxoxa ngezinyathelo ezilandelayo. Okwamanje leliqoqo lisusiwe ku Moore road lasiwa eBulwer Park.
