
KUKHUNJULWE OWABULAWA UYISE NGENXA YENKOLO

UBISHOP Nkosinathi Myaka webandla i-Applesboch Lutheran Church enkonzweni yesikhumbuzo sikaNtombazane Nsele, owabulawa uyise ngenxa yokuthatha inkolo yobuKrestu.

UNgqongqoshe uMfundisi Musa Zondi, egqugquzela ukuthi kuthuthukiswe ezokuvakasha emakhaya.

KUKHUNJULWE intombazane eyabulawa uyise ngenxa yenkolo oZwathini.
ZETHU PHOSWA
IGXATHU lokuhlanganisa inkolo ezokuvakasha elenziwa uMnyango wezokuVakasha namaFilimu KwaZulu-Natal, libonakala lizothela izithelo ezinhle ekuthuthukiseni umlando, ezokuvakasha nezomnotho ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
Lokhu kugqame ngesikhathi lo mnyango uhambele e-Applebosh, lapho ubuyoqinisa khona amaxhama kwezokuvakasha nenkolo. Kukhunjulwe owesifazane wakwaNsele owabulawa uyise ngenxa yenkolo, wafikwa wambhokoda ngomkhonto emgedeni ababekhonzela kuwo.
Umholi webandla le Applesboch Lutheran Church, uBishop Nkosinathi Myaka, ubonge UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo, uMfundisi Musa Zondi, ngokweseka lo mcimbi
“Lomgubho wanamhlanje uvula ikhasi elisha ukuthi kuqhamuke amanye amathuba amasha endaweni yaseSwidi azokwenza eminye iminyaka eyikhulu ezayo ibe nentuthuko”, kusho uBishop Myaka.
