Politiki

KUBIKWE AMACALA AYI-18 OBUGEBENGU OKHETHWENI

ISEKELA likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Phumelele Makoba. ISITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aqophe amacala obugebengu ayi-18, kusukela kuqale ukuvota okukhethekile kuze kube usuku lokhetho lohulumeni basekhaya obelungo mhla zi-4 kuNovemba 2026.

Lokhu kuvezwe yiBamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makoba, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esikhungweni i-IEC Results Operational Centre e-ICC, eThekwini.

UMakoba uthe kulawa macala, ayi-8 aphathelene nokwephulwa koMthetho woKhetho, amane awokusabisa, kanti amanye abandakanya ukushaya, ukulimaza impahla, ukugqekeza kanye nokukhwabanisa. Uveze ukuthi sekuboshwe abasolwa abayisikhombisa.

“ Amaphoyisa aphenya ngokwebiwa kwempahla ebalulekile yeKhomishini yoKhetho (IEC), okubalwa kuyo amaphepha okuvota angakagcwaliswa, nohlu lwabavoti , eMnyameni High School eHillcrest. Mayelana nokucima kukagesi okwenzeke KwaMakhutha, eMbumbulu nase-Isipingo, amaphoyisa ayakuphenya lokhu, nakuba kungazange kuphazamise ukuvota nokubalwa kwamavoti,” kubeka uMakoba.

UMakoba uqhube wathi amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha ezindaweni ezahlukene kuze kuphothulwe ukubalwa kwamavoti nokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho.

Uphinde wanxusa amaqembu ezepolitiki ukuthi ahloniphe intando yabavoti, agweme udlame futhi asebenzise izindlela ezisemthethweni uma enezikhalo ngemiphumela yokhetho.