Izindaba

KUHLOMULE IZIKOLE EZONGA UGESI ETHEKWINI

IZIKOLE ezihlonyuliswe uMasipala weTheku

.

IZIKOLE ezihlonyuliswe uMasipala weTheku. IZITHOMBE: UMASIPALA WETHEKU

AKHONA DLAMINI

BEKUVUNGUZA umoya wenjabulo, ngesikhathi kuhlonyuliswa izikole ezintathu zamabanga aphansi eThekwini emncintiswaneni wokonga ugesi, obuhlelwe uMasipala weTheku ngokubambisana noMnyango kaZwelonke obhekelele ugesi namandla (Department of Electricity and Energy).

Lo mncintiswano obubanjelwe eDurban Botanical Gardens ngoMsombuluko, mhla ziyi-9 kuLwezi, ubuhlanganise abafundi bebanga lesi-5 kuya kwelesi- 7, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Saving Energy Today for Sustainable Tomorrow.”
Bekumele abafundi bakhombise izindlela zokonga ugesi besebenzisa imidlalo yeshashalazi kanye namaposta.

Obemele uMnyango weDEE, uNtsikelelo Mkhithika uthe kubalulekile ukuthi abafundi babe ngamanxusa okonga ugesi ezikoleni, emakhaya nasemiphakathini.

“Kumele sikubeke eqhulwini ukukhuthaza abantwana abasakhula ukuthi babe ngamanxusa okonga ugesi. Yibona okumele bagqugquzele ukongiwa kukagesi ezikoleni, emiphakathini kanye nasemakhaya ngoba bangabaholi bakusasa,” kubeka uMkhithika.

ISunford Primary School kube yisona sikole esiziqwaqwade emakhanda ngokuthatha indawo yokuqala neyesibili esigabeni samaphosta, yazuza imikhiqizo ebiza u-R50 000. I-Elangabini Primary School ithole imali elinganiselwa ku-R30 000 yezinsiza zokonga ugesi, kwathi iSt Theresa’s R.C. Primary School yazuza u-R20 000 ngemidlalo yayo ebikhuthaza ukongiwa kukagesi.