LUZOPHUMA KUSASA ULOZOLO LWENGOMA KA-NALEDI BENO-MAWELELE

UNALEDI Aphiwe ozokhipha ingoma kusasa ayenze ngokubambisana noMawelele. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
IZOTHOLAKALA kusasa (30 kuMasingana 2026) kuzona zonke izindawo zomculo ingoma ebhekwe abaningi kaNaledi Aphiwe noMawelele esihloko sithi Come Duze.
Echaza kafushane ngalengoma uNaledi uthi iwuhlobo lwe-Afropop ebese uMawelele egxila kwi-RnB.
“Sinezingoma ezine noMawelele esizenze ngokubambisana ngoba ngonyaka odlule sasithi sizokhipha i- Album ndawonye kodwa akwangenzeka. Ingoma iCome Duze iqhubeka la kwakugcine khona ingoma yethu esihloko sithi Buya Ekhaya eyayimayelana nokuxolelana, njengoba lena isiyisiphetho senjabulo yethu. Lezi ngoma azifani nezaphambilini la okwakusaqala khona uthando lwethu,” kuchaza uNaledi.
Uveze ukuthi uyathanda ukwenza umculo noMawelele ngoba basebancane bobabili , futhi bayawuthanda kakhulu umculo we-Afropop neRnB.
Uthi abalandeli babo uyacabanga ukuthi bayabathanda kakhulu ngoba ukuvelela kwabo kwaba ngesikhathi esisodwa.
Usho nokuthi okwamanje ingoma yabo yokugcina le abayenza ndawonye. “Sibone engathi siyabakweleta abalandeli bethu sasesithi asibavalelise ngalolu lozolo lwengoma. Sesizogxila emsebenzini yethu ngoba sesibanikile abantu into abazohlale besicabanga ngayo futhi besikhumbula ngayo. Kulonyaka ngifisa ukusebenzisana no-Ayra Starr, Afrotraction, Summer Walker, Kabza De Small nodadewethu uNontokozo Mkhize,” kuphetha uNaledi.
