UMAKHADZI UXOLISE NGOKUGXEKA IMARCH AND MARCH

UMAKHADZI uzehlisile wacela uxolo kubantu baseNingizimu Afrika ngokugxeka iMarch and March. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ISIHLABANI somculi wakuleli esesizakhale igama emazweni angaphandle futhi esingaconsi phansi kwabaningi uMakhadzi, ucela uxolo kwizikhamuzi zonke zaseNingizimu Afrika ngokugxeka inhlangano iMarch And March, ngokushona kukaNhlamulo Sambo wase-Mossel Bay, eWestern Cape.
Le ntokazi yaseLimpopo ibhale kuTwitter wayo icela uxolo, icula ingoma ethi: We Are One. “Angeke ngiyeke ukucela ukuthi ningixolele ngoba anginalo ubandlululo ngokobuzwe. Bengingazi ukuthi izinto zizoba kanje, ngicela ningixolele. Ngiyaphinda futhi ngiyasho ukuthi angiphikisani neMarch And March. Ngiyaxolisa kubo bonke abantu abacasukile, Sifunda emaphutheni nsuku zonke. Ngokuzayo ngizothula kuze kube ngithola indlela efanele yokubhekana nesimo,” kusho uMakhadzi kuTwitter.
Lokhu kungaboni ngaso linye kuqale ngesikhathi uMakhadzi ezwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngabantu abakhuluma isiVenda, nesiTsonga. Uthi ukhathazwa amavideo asabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho kucelwa abantu ukuthi baveze omazisi babo ngenxa yolimi abalukhulumayo, nangendlela ababukeka ngayo.
Imibono yabantu ihlukene ku-Twitter njengoba abanye bemncoma uMakhadzi ngokuzehlisa kwakhe axolise, abanye bathi osaziwayo kufanele bayibheke ngawo wonke amehlo into ngaphambi kokuthi baphawule ngayo.
